... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukunqoba Ukuphoxeka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 8:24,25 Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

Listen to the radio broadcast of

Ukunqoba Ukuphoxeka


Download audio file

Nginesiqiniseko kunabantu empilweni yakho kuleminyaka  osuyiphilile ,abakuphoxile.Futhi kungengebe ngabantu bodwa kodwa nezimo imbala.Uhlele into ethile eyisifiso esihle kuwe ,kodwa kuvese kudilike udaka eskhaleni ,sonke isifiso sakho simuke nemvula .Ibuhlungu leyonto.

Ukuphoxeka kuyinto evamisile ukwenzeka uma sehlelwa ebesingakulindele.Yikho nembala kuhlale kuhlale kuvese kudilike intaba esikhaleni nje singazelele lutho.

Ababili bangene  othandweni ,nakhuya sebebahle behlobile kuqhake ngisho igceke ,kuyakikizwa sebeshada,uthole ukuthi balindele olwezinyoni uthando lolu ,kodwa nje hhawu  kwezinye izinsuku kuvese kube amakati enwephana.Futhi lokhu okuthi uma ukucabanga ,kungaba nomthelela omubi uma sithobela lokho kuphoxeka ,kusengengelimaze umshado wethu kuphela ,kodwa kubudlelwane bonke nasempilweni yonke jikelele.

Nanxa ukuphoxeka kuyi-reaction yemvelo ,kodwa uma sikuvumela kungasigwinya kusilethele incithakalo.

Pho manje wenze njani…

Yebo,mina engikucabangayo kusibeka ekutheni ,silibeka kuphi kumbe lingubani  ithemba lakho kuqala .Phela hle hle ukuphoxeka kuyinto eyenzeka ngenxa yebesikulindile nalokho okugcine ngokuthi kuvese kwenzeke singakulindele.

Impilo engenathemba ,ayikufanele neze ukuphilwa.Ngakho angikubuze ,likuphi ithemba lakho?

KwabaseRoma  8:24,25 Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

Kulomhlaba sizovivinywa ,abantu abazukwenza lokhu ebesikulindele  okungakho nebala kuzoba nokuphoxeka kulempilo.

Kodwa uma ithemba lethu lithe njo kuJesu Khrestu ,konke lokho kudlula ngokushesha futhi kuvese kube umhwamuko ngokuphazima kweso.Ithemba lakho kuJesu yiyona nto engasoze yakuphoxa yakujabhisa sanhlobo.

Themba kuYe,linda ngokubekezela  futhi uzovuzwa ngalokho. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge