... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuziqhathanisa Nongcono Kunawe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 5:2 Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka ,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

Kunini lakhona wagcina ukuthi mawubuka umuntu onento ongenayo wazizwa uyithuntwane ngenxa yokuthi unento wena ongenayo le kanye anayo ? Kungaba yimoto entsha,umshado  ochachambile ,kumbe ngumsebenzi ongubuthebelele .Kuyishwa ukuthi lokho kuqhathanisa kungasidonsela phansi kanjani . 

I- UK study yaphambilini , umbiko wayo  kwi – Science Focus Magazine, wathola ukuthi kungakanani lakhona abantu bezithola beziqhathanisa nabanye abantu .Siba nomqondo wokuthi  uma singaphila njengalaba abaseduze nathi  ,singazizwa siphile kangcono ,sijabule .Uma singakwazi ukufana nabo ,ngeke saba nakho ukujabula nokuphila okuhle . 

“Ukwehla ngenxa yokuziqhathanisa ”, kuyinto eyenzekayo ngisho kungekho bumpofu obukhulu bempela . Ngakho ungaphila endaweni yezigwili nawe ube yiso ,kodwa mawuke nje wathi nhla wabona umakhelwane wakho ethenge ubunsense bemoto wena ongenayo uvese ubone ukuthi awulutho uma uziqhathanisa, kodwa ucebile njalo nawe futhi .

Kuzwakala kuyinto engatheni le ,angithi? Kodwa nakhu kuyenzeka .Futhi ngesikhathi kuqhubeka izinto eziphathekayo zibamba umphefumulo wethu siyaqhubeka sizizwe sengathi ziliqiniso kanti ziyakhohlisa .Ngiyakhumbula phambilini ukuthi lakimi kwakugijima amahhashi esifubeni uma ngibuka umuntu osenezinto mina engingenazo yayivese inhliziyo isho ukuphuma ngomlomo wukuhala ,esingasho siqonde sithi umona .

Jobe 5:2Ngokuba isiwula siyabulawa  ngukukhathazeka ,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

Asikwenze kube sobala lokhu .Umona uza ngezindlela eziningi ezahlukene.Kwesinye isikhathi njengakimi kulesokhathi ebengisisho ukuthi inhliziyo isho ukuphuma ngenxa yokuthi ngibuka umuntu onento mina engingenayo .Yilokho okugcina sekudlange kwayikho .Okunye ke ekugcineni okushiwo  yile UK study ,lokhukuziqhathanisa kusephuca intokozo yokuthokozela konke lokhu esisuke sinakho ,amehlo awabe esakubona ngoba sibuka lokhuya kukamakhelwane . 

“Ukuziqhathanisa Okushonisa phansi ” wukuteketisa igama elithi umona .Futhi lithini iZwi likaNkulunkulu? Umona uzokubhubhisa  kungakhathalekile ukuthi uziveza ngasiphi isimo empilweni yakho . 

Vula amehlo  ubuke .UNkulunkulu ukuphe izinto eziningi.Ungawuvumeli umona ukukuphuca ukuthokozela lezizinto onazo . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..