... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umqondo Wokuba Yisisulu Uzokucekela Phansi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 73:26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela,nokho uNkulunkulu uyiDwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade !

Listen to the radio broadcast of

Umqondo Wokuba Yisisulu Uzokucekela Phansi


Download audio file

Umqondo we-Identity politics ubukeka uyinto esanganise lelizwe ngamalengiso kulezinsuku.Ingumqondo wokuthi uma ungigxeka  noma ngayiphi indlela ,indlela yokuphila kwami,engikukhethayo,indlela yami yokubuka izinto ,njll,usuke uhlasela i-identity [isiqu sami uqobo] futhi awunalo ilungelo lokwenza lokho . 

Ngicabanga ukuthi lomdlalo we – identity politics usuke wawubona uziveza la uphila khona nawe  .Uma ungavumelani neso lami kwipolitiki ,ubulili bami,noma ngabe yimuphi umqondo-kuphila okungaba yiwo…ungephuca lokho okuluqobo lwami engiyikho! 

Kulezinsuku kubiza ukuthi uqaphele kabi ngoba ungazithuka sewulimaza imizwa yomunye umuntu .

Ngakube sivese sikuqonde yini ukulimaza imizwa yomunye umuntu  na? Cha,lutho sanhlobo!

Kodwa manje phela empilweni simelwe ukucobelelana izindlela zokucabanga ezehlukene ,si-debate   ama-idea futhi nebala sikwazi ukuphikisana ngenkululeko kwesingabuki ngasonye kukho.Phela kahle hle leligama elisemthethweni ‘  ukukhuluma ngenkululeko’ libandakanya izinto ovumelanayo nazo kunye nezinto ongavumelani nazo .

Kungani sikhulume ngalokhu ? Ngoba lomqondo wokuzizwa uyisisulu  – asikucacise lokhu ,phela yilokho kanye oyikho lomqondo   ! – ungathuka usuzihuqa kithi kalula lomqondo .Sizithola sesiqala sizizwa silimele ngoba abantu la emnyango bahlasela ukholo lwethu kuJesu . ‘Lokho cha akukho fair.Akumele bavunyelwe ukwenza lokhu ….’

Ngakube kunzima kwesinye isikhathi uma kunomuntu ovese alwehle nje aludephule ukholo lwakho  ,asike la ethanda khona? Yebo impela kunzima! Manje pho …ithini impendulo lapho?

Amahubo 73:26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela,nokho uNkulunkulu uyiDwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade !

Impendulo ithi uNkulunkulu ungamandla akho.Impendulo ithi uma abantu bekusukela ngenxa yokholo lwakho ,bekudicelela phansi,bekudelela ,bekwenza intuthwane,…ungajikela kuYe ugcwele isiqiniseko sokuthi ungumnyombo wamandla akho futhi ungowakho ingunaphakade .

Ungayivumeli i- identity politics izenze umngane wakho ,izigudle kuwe. Ungawudlali lomdlalo wokuba ngumancika odongeni uzizwa uyisisulu .Uyokuqothula lowomdlalo .

Kunamandla aseZwini ,amandla okuvuka kukaJesu ,amandla okukunika uthando lokuthanda  labo abakuchukuluzayo  ngenxa yokholo lwakho. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..