... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umthombo Ongashi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo ,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho ,uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi ,omanzi awo angaphuthi.

Listen to the radio broadcast of

Umthombo Ongashi


Download audio file

Kukangaki uba sesimweni nasemkhulekweni la uthi khona  , “Nkosi ngikhiphe kulendawo” … kodwa uvese uthole ukuthi impendulo oyitholayo … wukuthula swayi ? Akukho mpendulo sanhlobo ,pho manje ngenze njani kunje ?  Yikuphi okulandelayo la Nkulunkulu ?

Sonke siyadinga ukude setha sigcwaliswe.Yebo ungakwazi ukuhamba isikhashana ungephuzanga luketshezi ,kodwa uma singawaphuzanga amanzi isikhathi saside ,kungekudala kothomba ukhiye emzimbeni yethu ,qede siyoshabalala.Singahamba isikhathi eside ngaphandle kokudla ,kodwa ekugcineni kwesikhathi kogcina umphumela sewufana.

Futhi leliqiniso liliqiniso isibili,uma  usogwaduleni ,lokhu ibhayibheli elikubiza ‘ngendawo eyomileyo’ .Umbuzo la uthi ,uma kuthiwa yonke into ekuzungezile yomile ,yome nkwe ,lakhona kungekho ngisho i-teaspoon yokudla ukukupha amandla ….ukuthola kuphi lokhu kugcwaliswa ?

Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo ,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho ,uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi ,omanzi awo angaphuthi. 

Siye sithande ukucabanga ukuthi  ngokukholwa kuNkulunkulu ,uyovese ehlise  okukasomlingo phezu kwethu ,qede asisuse endaweni eyomileyo ,yebo nebala kwezinye izikhathi uyakwenza lokho [kodwa kuyathukela ekwenza] .Kodwa imvamisa wenza into engcono  kakhulu .

Uzipha  ithuba lokusihola kulezondawo ezomileyo .Ukhona khona lapho kanye futhi okungathi masingase sithi jeqe esiphundu sizomangala sibona ukuthi ukhona la naYe ukuzonelisa izidingo zethu .Okulapho kanye ezoqinisa amathambo ethu.Yebo nebala ukuba kuqhume isiphethu samanzi ngaphakathi kithina … isiphethu esingalokothi sishe  ngoba uMoya oNgcwele akalokothi ashe.

Futhi uyabona sihlobo sami ,lokho kuyisibusiso esikhethekile uNkulunkulu angasithela phezu kwezimpilo zethu sikuleyondawo .

Uyazi ukuthi yilapho kanye izimpophoma zesibusiso sikaNkulunkulu sigeleza khona kithi sisehlane elomile nkwe ,qede asiphe ukweneliseka . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..