... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umuzwa Ngesikhathi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:3-6 Uyambuyisela umuntu othulini uthi buyani bantwana babantu.Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezoloselidlulile nanjengomlindo ebusuku.Uyabamukisa njengesikhukhula banjengobuthongo,ekuseni banjengotshani obuhlumayo.Ekuseni buyakhahlela ,buhlume ;bunqunywe bubune.

Sewuke waqaphela ukuthi kwezinye izikhathi ,isikhathi sivese sibukeka sindiza ngejubane ,kodwa kwezinye izikhathi  kube engathi sihamba ngonyawo lonwabu? Kungani ,kuba kanjani ukuthi isikhathi esiyinto okumele engabe ibukeka imi ndawonye kodwa sivele sibe ngesigijimayo sibuye sihambe kancane futhi ?

Nebala asigijimi asicothozi futhi ,kodwa kusuke kungukubukeka kwaso nje lokho,ngokusuke kuncike ekutheni yini eyenzeka empilweni yethu ,kumbe kuncike ekutheni siyibuka kanjani impilo .Siyazi ukuthi ukuphila kwethu akuyikuba ngokwaphakade kulomhlaba ,kodwa siziphatha sengathi kuzoba njalo ,ikakhulukazi uma sisebancane .

Futhi okuthi uma usubheke ko 60 no 70 uqale ukucabanga ngokuhlukile .Umcabango wesiphetho sempilo usuke usungumcabango oseduze nengqondo yakho .Yebo sinobudlelwane obuchazanayo mase kuziwa kwisikhathi .Nansi indlela uMose abeka ngayo emthandazweni wakhe kuNkulunkulu : 

Amahubo  90:3-6Uyambuyisela umuntu othulini uthi buyani bantwana babantu.Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile nanjengomlindo ebusuku.Uyabamukisa njengesikhukhula banjengobuthongo,ekuseni banjengotshani obuhlumayo.Ekuseni buyakhahlela ,buhlume ;bunqunywe bubune.

Ngamanye amehlo nakuba singeke sakubona ngalendlela ,izimpilo zethu kulomhlaba ziyadlula masishane .Ngokubuka kukaNkulunkulu,iminyaka eyinkulungwane uyizwa injengosuku .Kungani kunokukubuka okuhlukile okungaka? 

Yingoba uNkulunkulu ubona yonke into eyenzekayo empilweni yethu ngokweso laKhe lengunaphakade – ngokungenasiqalo nasiphetho.Lokho kungukubuka okuhle ,ngokwesikhathi ,nezinto esizijulukelayo ziyiconsi  lemvula nje olwandle uma ziqhathaniswa nengunaphakade esiyoliphila naYe ,ebukhoneni baKhe .Zindaba ezinhle lezo .Izindaba ezinhle kakhulu. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..