... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungowami

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 43:1-3 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami.Lapho udabula emanzini mina nginawe ,nasemifuleni ayiyikukukhukhula ;lapho uhamba emlilweni awuyikusha ,nelangabi aliyikukushisa .Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho oNgcwele kaIsrael, uMsindisi wakho .

Listen to the radio broadcast of

Ungowami


Download audio file

Enye into ebuhlungu esiyizwayo ibe njengezikhisi la khona impilo inzima ngumuzwa wokushiwa nguNkulunkulu , kube sengathi impela  usilahle le kude wasilaxaza okwenyongo yenyathi  ,usikhohliwe akasasiphuphi noma elele . 

Uma ukucabanga lokhu ,lomuzwa wokushiwa nguNkulunkulu uma usenkingeni ,ungumuzwa oyimvelo kumuntu uma esengxakini. Ubuhlungu bunomoya wokusihlukanisa nalabo abasithandayo okudlulele ngisho nakuNkulunkulu okunguYe ongasisindisa kulobobuhlungu .

Ngakho uma kungukuthi sewuke wakuzwa lokho kuqhela kuNkulunkulu ,yazi lokhu sihlobo sami awuwedwa kulowomuzwa .Nami sengike ngaba kulesosigodi  njengokuba nabaningi asebeluhambile loluhambo bebhakanile naso  . Ngakho ithini impendulo?  

Manje singalungisa kanjani lezindonga imizwa yenhliziyo yakho ebhekana nazo , ebukeka inamandla amangaka ekwazi ukuba nomthelela wokukwenza uzizwe uwedwa ,ushawe ngumhlaba ? 

Impendulo ngukuvumela uNkulunkulu ukuba akhulume nawe kuleyondawo eligumbi ozizwela ulahliwe kulona . Impendulo  ngukukholwa akushoyo ngaphezu kwalokho okushiwo yimizwa yenhliziyo yakho .

Isaya  43:1-3 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe nowakubumba wena Israel  ,uthi  “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho ungowami.Lapho udabula  emanzini mina nginawe ,nasemifuleni ayiyikukukhukhula ;lapho uhamba emlilweni awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa .Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho oNgcwele kaIsrael, uMsindisi wakho .

Iqiniso ngukuthi uNkulunkulu akazange akushiye kuleyondawo  kwakhona ekuqaleni. Iqiniso ngukuthi unawe khona lapho kanye ngoba unguNkulunkulu wakho ,unguMsindisi wakho .

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.