... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vuleleka Ngenhliziyo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:39-42 AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.” Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe. Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”

Kulezinsuku ezimbalwa ezedlule besilokhu sihleli endabeni yenhliziyo kaJesu ekulungele ukusebenza nanxa wayekhathele ,futhi engolambile ,kodwa wakwazi ukufuzula eqe umngcele wosikompilo lwakubo  lobandlululo lwamaJuda naMaSamariya ,ukuze acobelele owesifazane owayesimthonjeni uthando lukaNkulunkulu. 

Angazi kunjani kuwe ,kodwa mina ngiye ngikuthole kulula ukungabathandi abantu abangavumelani nami ,okuchaza ukuthi kunesilingo esikhulu sokuzikhipha uziqhelise kubantu abakuqhubukushayo ,uvese ume le kude ngenhliziyo nangomzimba imbala .Sizizwa siphephile ukuzivalela egobolondweni singaphumeli kubantu abanjalo,bese sizizwa siphephile uma singungwe ngabavumelana nathi ,kunokuphuma kule-space esintofontofo siye ezonini silethe kuzo uthando lukaNkulunkulu,awuvemalani nalokhu engikushoyo?  

Nokho sithola ukuthi ukuzilungiselela  kukaJesu eqe umngcele wamasikompilo obuzwe babo  qede afinyelele esidingweni salowesifazane  kwashiya umaka omkhulu owedlula ngisho kwinkundla yala okwenzeka khona ,kwathinta abantu abaningi . 

NgokukaJohane 4:39-42 AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi:

“Ungitshele konke engikwenzileyo.”  Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.  Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”

Yebo,singaba ngabantu abathanda ukwenza izinto ezikitaza thina ,sizihlalele kuma safe space ethu ,kodwa sigcine singafikanga ekwazini nasekuboneni uguquko olukhulu  – nomthelela omkhulu uNkulunkulu ubengawenza kulomhlaba ngathi .Kumbe singazibeka engcupheni izimpilo zethu ,selule izinhliziyo zethu kwabaqhelile kithi ,ngisho kungathiwa sikhathele ,somile silambile  – futhi ngakho sibone ukusebenza kukaNkulunkulu ngendlela ebesingeke sanhlobo sakwazi ukuyibona .

#Nakhu okufanele ukwazi : vuleleka ngenhliziyo yakho . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..