... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umdonsiswano Wamasikompilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:7-10 Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”…….. Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

Enye yezinto esengiyithole kuleminyaka esabisayo ngobuKhrestu ,yizinga lokuthi sesingene kanjani ebuzweni ,sesimatasa silwa izimpi zomkhaya sibanga amasikompilo alezigodi  esikuzo esikhundleni sokushumayela uthando lukaNkulunkulu kuJesu Khrestu. 

Noma ngabe yimiqondo yezepolitiki,ipolitiki yezobulili ,ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka,noma ngabe yini thina MaKhrestu esibukeka sesithole ikhona lokuma sibe matasa nokuzivikela  inkolelo yethu ,ukuze sikhombise abanye ukuthi bashaye  eceleni kanganani….lokhu sikwenza ngesikhulu isankahlu lesi .Futhi asikwenzi kuphelele kwisakhiwo esibizwa ngokuthi ‘yibandla’ kodwa ngisho ngomuntu ngamunye siyakwenza lokhu ,ukuthi mina ngiyibambe ngakho wena uzidukele nje ,,,awungibheke nje ukuthi mina ngiright kangakanani. Angithi siyakwenza lokhu kokuqhosha ngensindiso yethu ? 

Manje,yebo angiphiki ukuthi lezindaba zingaxoxwa ngokuphikisana esidlangalaleni ,kodwa okuthi ngesikhathi sisematasa silwa lezimpi zethu zomkhaya zamasikompilo ,sikulungele kangakanani ukuphuma kulelikhona qede sifinyelele kubantu behlukene benjalo  ngemibono thina silethe uthando lukaJesu Khrestu kumuntu ngamunye kulomhlaba,ungasho mzalwane wami ? 

AmaJuda naMaSamariya ayezondana okwekati negundane .Babekhonza uNkulunkulu oyedwa ofanayo,kodwa ezindaweni ezehlukene nangezindlela ezehlukene.Wawungeke uthole izinhla ezibili ziklayeke ngokujulile ,ngaphezu kwalolu lwalendoda yokukhuluma iyodwa nowesifazane  obukeleka phansi ,nokho nakhu okwenzeka  …

NgokukaJohane 4:7-10 A Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi.

UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”…….. Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele

ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe:

‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

Hmm. Uma kwaba kuhle lokhu kuJesu ukungena kukho kunzima kunjalo ngokobuzwe bakubo pho kimi yini engenza kube nzima ,nakimi kuhle ! 

#Hlala wazi lokhu : Dlula  ezimpini zobuzwe nezamasikompilo ,wena ngena khona kungezwana kunjalo qede ufake uthando lukaNkulunkulu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..