... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akalothi Sanhlobo,Aphele Amandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isililo 3:22,23 Ngokuba ububele baKhe[Ujehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Listen to the radio broadcast of

Akalothi Sanhlobo,Aphele Amandla


Download audio file

Impilo ayihlali ihamba ngendlela esiyihlele ngayo .Eyy mangase kuthiwe nje,bekungenjalo? Kodwa kunjalo khona.Kwesinye isikhathi isizathu salokho ngukuthi sinhlanhlathile ngokwethu ,samshiya uNkulunkulu.Kumbe asithi okungenani okuthi uma sesibuya ezingqondweni zethu ,yilokho kanye esiba nesithombe sakho ngengqondo.

Phambilini uzakwethu wake wathola i-email ivela kumngani wakhe omdala wasesikoleni,iqhamuka engayilindele.Kahle hle lomngani nguye owamholela kuKhrestu  eminyakeni engu 40 edlule ,babesebaleni lesikole .

Kule –email umxoxela ngokokuthi ukuthi usekhule kangakanani,okugcine kwamenza waqhela eNkosini ,okuncimishi njengaye lozakwethu okwamehlela .Yilokho kanye okwenzekayo uma leyantshisekelo yasebusheni isibishiswe yiminako yasebudaleni ,lipholela ezandleni ivangeli.

Kodwa uyaqhubeka lomngani abhale athi ,uhambe wahamba wabhekana nenkinga enkulu empilweni ,okuthe ngokumangala wathola ukuthi ,uJesu ubemile emlindile ngesineke ,kuso sonke lesisimo.Okuncimishi njengokuba kwenzeka kulozakwethu.

Ngithe uma ngicabanga ukufana kweziga zikazakwethu nomngani wakhe ,qede kwafika lelivesi elimnandi : 

Isililo  3:22,23 Ngokuba ububele baKhe[Ujehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Kuliqiniso ,ngoba impilo iyafika lakhona imnyama futhi ifithizela .Futhi uma lokho kwenzeka esikhathini lakhona simhlubukile uNkulunkulu ,samshiya sajaha izinto zalomhlaba …isimo sivese sibe nzima ngokuphindaphjindiwe .

Sifika ekuboneni ukuthi sikuleyondawo emnyama  uma singenaye uNkulunkulu.Nokho okungenani yilokho esikucabangayo.Kodwa uma kungukuthi kuyokwenzeka uzithole ukuleyondawo ,khumbula lokhu :

Ngokuba ububele baKhe[uJehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Akapheli amandla.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge