... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ezikhathini La Ungamethembi Khona uNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 17:5,6 Usho kanje uJehova uthi : “uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,ayenze inyama ibe yingalo yakhe ,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova ,uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane ,angaboni ukuthi kuyeza okuhle ,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane ,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu .

Listen to the radio broadcast of

Ezikhathini La Ungamethembi Khona uNkulunkulu


Download audio file

Enye yezinto eyenzekayo uma sesibanjwe  yizinto  ezilana phambi kwethu  njengamanje ,ngukuthi siyama ukuthemba uNkulunkulu .Manje yiphutha elikhulu kakhulu lelo. 

Sengike ngaba lapho nami ,samkholwa uNkulunkulu ,kodwa sesimile ekumethembeni ukuthi usondele ngokuseduze ezimpilweni zethu .Sesikhohliwe ukuthi uyasithanda nokuthi ufuna ukwenza umehluko omkhulu onamandla . 

Kodwa manje kumele sithembe kokuthile ,sigcina sesithemba abanye abantu ,kumbe emandleni ethu kumbe izimali esinazo ema bank okanye  izinhlelo esinazo ngekusasa …okungangokuba sizenze zibe zinkulu ngangoNkulunkulu uqobo .Ngakho mangikubuze ukuthi lokho kukusebenzele kanjani  phambilini ? 

Jeremiya 17:5,6 Usho kanje uJehova uthi : “uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,ayenze inyama ibe yingalo yakhe ,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova ,uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane ,angaboni ukuthi kuyeza okuhle ,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane ,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu .  

Nami ngiyalwazi udaba lwalelihlane. Ngibile nazo izikhathi lakhona okwakuthi nakuba engqondweni yami bengikwazi ukuthi uNkulunkulu wethembekile ,ukuthi wayehlale ekulungele ukuba yingxenye yempilo yami ,kodwa ngokwempela ngabe sengikukhohliwe lokho .Ngangingasayiphili impilo yami ngokwendlela okukhombisa kwabe kuliqiniso lokho .Futhi ngicabanga ukuthi lokho kuyiyona ncazo kanye yokuthi kuyini ukuma ukwethemba eNkosini. 

Ugcina uphetha usehlane ,ezindaweni ezishileyo ,ezweni likasawoti lakungamili lutho khona ugcine ukhohlwe ngokwempela ngezinto ezinhle uNkulunkulu angakunika zona .Ngakho yethemba eNkosini ! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..