... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imfihlo kaNkulunkulu ejulile ngenhliziyo yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 2:9,10 kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Imfihlo kaNkulunkulu ejulile ngenhliziyo yakho


Download audio file

Uyazi ukuthi kubanjani .Ukuthola ukuthi usuku nosuku uzizwa ungozungeza ndawonye .Lokhu kwenzeke izinsuku zilandelana .Uze uzizwe womile ngaphakathi .Uzizwe ukhenceza .Uze uqale uzibuze ukuthi empeleni impilo ingani ,kungani uqhubeka wenza into eyodwa kodwa engakuniki ukunotha nokumatiseka kwenhliziyo.Uyazazela lowomuzwa. 

Isilinganiso  esivamile sokuphila kwabantu umhlaba wonke kuba gu  73.2 weminyaka . Okuchaza ukuthi ngokwezinsuku zingu  26,736, 7 hours, 12 minutesngokamahora okusebenza usuku ngalunye  . Futhi nakuba esikwenzayo kuye kuguquke kwezinye izingxenye zokuphila kwethu sithuke senza izinto ezehlukile ngokwemisebenzi ,kusuka ebunganeni , kubu –teenager ,kuze kube sekukhuleni nasekugugeni  – sihamba ibanga senza izinto ezizodwa ngokuphindaphindekile .Okungakho ugcina usunomuzwa wokuzizwa ujikela enjikeleni eyodwa impilo yakho yonke . 

KwakungoLwesibili  la ko 5  ekuseni  ngamhla ngilungisela le-FRESH devotion yanamhlanje .Ngangiqale ngabo 3 ekuseni ukusebenza ….futhi uma kwakuthiwa wabe une camera wawuzongibona e study room  ngihleli esihlalweni sami leso engihlale ngihlala kusona ,kwi desk lelo engihlale ngihlala kulona ,kubuwuchofochofo ngigxavaza ikeyboard ye computer ngibhala iscript , usuku nosuku ngenza into efanayo .   

Ngakho ,akusho lutho ukuthi yikuphi obizelwe ukukwenza ,kodwa lokho kwenza into efanayo nsuku zasa ,kugcina kuyinjikela ekhanda isithukuthezi .Okungakho namhlanje sihlobo sami ngikholwa ngokungananazi ukuthi uMoya kaNkulunkulu ufuna ngithulule kuwe  amazwi enkuthazo ,okuphila ,yebo amazwi entokozo enhliziyweni yakho . 

1 KwabaseKhorinte  2:9,10 kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:

“Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”  Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.

Ngakho ,vese uvumele uMoya oNgcwele abhale izambulo ezijulile enhliziyweni yakho namhlanje . 

“Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”  

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..