... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isinkwa Esingenamvubelo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 12:8 They shall eat the flesh that night, roasted on the fire; with unleavened bread and bitter herbs they shall eat it. (ESV)

Listen to the radio broadcast of

Isinkwa Esingenamvubelo


Download audio file

Kwesinye isikhathi uma isidlo sidluliswa kubazalwane ebandleni – ingilazi encane ye grape juice ,nocwezwana oluncane olumnandi lwekhekhe elincane ,ngicela ukwethembeka la ,kuye kuthi angiqhume mase ngikulengxenye .Angikucobelele ukuthi kungani . 

Isidlo singokukhumbula ukufa kukaJesu esphambanweni.

KwabaseKhorinte 11:23,24 Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,  wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba  wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”

Kodwa kwabe kungesiso isidlo esimnandi esiqhumuzela kamnandi .Phela ekugcineni kwakho konke noJesu akasiye uMsindisi oyisidlo samakhekhe esimnandi .Cha ,phela babedla isinkwa esingenamvubelo ,esingena-yeast esimbi . 

Ngani?  Ngoba uJesu wabethelwa ngePhasika ,lakhona u-Israel wawukhumbula  ukuthi  uNkulunkulu  wakhulula kanjani okhokho bawo  ebugqilini baseGibhithe .Futhi ngalobo busuku ,badla isidlo sePhasika esiyiwundlu elishisiwe.

Eksodusi  12:8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku,yosiwe ngomlilo;bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo  nemifino ebabayo.

Kodwa kungani isinkwa esingenamvubelo na? Zibili izizathu.Okokuqala kuthatha isikhathi  ukukhukhumala kuka-yeast,babengenaso isikhathi,ngoba ngosuku olulandelayo babedingeka bethi galo yephuka ,nyawo zami ngibelethe beflathele elase-Afrika bebheke eKhenana.Ngokwempilo kwakuphuthuma.Sasingekho esokulinda ukukhukhumala kuka flour ,impilo yabo yayisengcupheni .Futhi okunye ngukuthi imvubelo –yeast – luphawu lwesono ngokweZibhalo.

Futhi lokho kuseliqiniso elinamandla ngokulinganayo nanamhlanje .Kuyaphuthuma ngokwempilo ukubhekana nesono sethu .

KwabaseRoma  6:23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

Lokhu kuyaphuthuma .Ungakugudluzeli kolunye usuku .UJesu weza ukuzokusindisa .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..