... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Manje, IZulu noma Yisihogo?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 7:21-23 “Abasibo bonke abashoyo kimi ukuthi : “Nkosi Nkosi” Abayakungena embusweni weZulu,kuphela owenza intando kaBaba oseZulwini.Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : ‘asiphrofethanga yini ngegama lakho,sakhipha amademoni ngegama lakho,senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’ Khona ngiyakufaza kubo ukuthi : ‘Angizange nginazi ,sukani kimi nina benzi bokubi’.

Listen to the radio broadcast of

Manje, IZulu noma Yisihogo?


Download audio file

Ngake ngabuza abazalwane ngisenkonzweni lusuku lumbe ukuthi abakhombise ngokuphakamisa izandla kulokhu: Ubani okholwa ngukuthi sisindiswa ngokholo lodwa? Ubani okholwa ngukuthi sisindiswa ngezenzo zethu? Ubani okholwa ngukuthi sisindiswa ngenhlanganisela yokholo nezenzo/nemisebenzi? Ake sibashiye ,wena-ke ukholwa yikuphi?

Aziziningi izinto ezingisabisayo.Kodwa lokhu ,kungisabisa kakhulu ukuthi amabandla agcwele abantu abakholwa nguJesu ,kodwa abasemathubeni okuthi babheke esihogweni bephakathi emabandleni.

Lokho kuhlasimulisa umzimba ukukusho,akunjalo? Ukuthi lokho kuvese kube sengathi yinto nje ethe shwi kuwo  kanye AMaKhrestu ;ukuthi sisindiswa ngomusa kaNkulunkulu ngokholo lwethu kuJesu Khrestu.Manje pho kungaba kanjani ukuthi uMKhrestu  ovuma ukholo kuJesu qede aye esihogweni?

Mhlawumbe ususho ukungiqhobozela njengamanje ,cha ungakalwi njengomdlulisi wombiko ake ,siqale sizizwele ukuthi uJesu Yena uthini ngaloludaba:

Matthew 7:2123 “Abasibo bonke abashoyo kimi ukuthi  : “Nkosi Nkosi” Abayakungena embusweni weZulu,kuphela owenza intando kaBaba oseZulwini.

Uyayizwa ishube kanjani! Manje sengike ngezwa abantu betolika lelivesi ngezindlela ezehlukene …kodwa mina ngokweTheology engayibamba eyokuthi  ukufunda nje ivesi liyilo kusiza kakhulu ekuqondeni ukuthi uzama ukuthini uNkulunkulu.Futhi khona kulo leli kucace bha okwekati elimhlophe ehlukuzini.Kahle hle uma uqhubeka ufunda lama vesi alandelayo kuvese kukhanye kuthi bha ngokweqile  ngokucace ngokuphindiwe ;ngokubuhlungu nokho.

 NgokukaMathewu 7:21,22,23 “Abasibo bonke abashoyo kimi ukuthi  : “Nkosi Nkosi” Abayakungena embusweni weZulu,kuphela owenza intando kaBaba oseZulwini.Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : ‘asiphrofethanga yini ngegama lakho,sakhipha amademoni ngegama lakho,senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’ Khona ngiyakufaza kubo ukuthi  : ‘Angizange nginazi ,sukani kimi nina benzi bokubi’.

Lokho soze wadidwa wukucaca kwakho ,angithi? Phila impilo enika uNkulunkulu inhlonipho nesidima esimfanele.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge