... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngivese Ngayilahla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 13:34,35 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.

Listen to the radio broadcast of

Ngivese Ngayilahla


Download audio file

Akekho kithi oke athande ukuvuma ukuthi ubesephutheni…kodwa uthole ukuthi ezigabeni eziningi sikulona.Futhi kwesinye isikhathi ukuba sephutheni kwethu kugcina sekulimaza nomunye umuntu.Khona kanye kulesosimo ,sinezinqumo ezinqala ezinzima ukuzenza .

Uma kungukuthi sewuke waba sekukhuliseni i-teenager uyazazela ukuthi kubiza ukubekezela okuningi ngaphezu kongqubuzano olwenzeka izikhathi ngezikhathi.Omunye uzakwethu owayekhulisa i-teenager lentombazane wake wagcina esezithola kunguye osecaleni elisephutheni ongqubuzwaneni lwabo  ngokuthile ngenxa yokuthi wenza okwedlulele  ngenxa yenhliziyo.

Futhi uma ungumzali uyazazela ukuthi kunzima kabi ukuvuma ukuthi iphutha libe ngakuwe ,ikakhulukazi uma kunguwe osegunyeni,ngakho indlela elula kuvese kuba wukukuziba kuzidlulele khona.Ukhohlwe ngakho .Qede uqhubekele phambili nempilo.

Kodwa sikhathi ushiya izinto zizipholele zona usuke futhi upholisa nobudlelwane benu bugcine bungobudambile sebuyigobolondwe bungasenabumnandi.Ngakho lozwakwethu ,wavese waqunga wazehlisa wazithoba ,wambiza undodakazi qede waxolisa wacela intethelelo kuye.

Mhlawumbe kungenzeka  wumuzwa wami ukuthi ukwenza into efana nale akukho lula .Kodwa uJesu wathi:

NgokukaJohane 13:34,35 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.

Futhi uma sithi umuntu siyamthanda,asikwazi-ke ukushiya lobobudlelwane ,lowomuntu ,elimele ngento eyiphutha eyenziwe yithina .

Uma sithi umuntu siyamthanda ,nakanjani simelwe ukulungisa la sihhadlazelise ubudlelwane bethu naye.

Uthando luyisenzo .Luyigama elenziwayo.Futhi ayikho into ekhombisa ukuthi uJesu ungubani ,ngaphezu kokuveza uthando lwaKhe ezimweni ezinzima ….ngisho  zinzima  kangakanani ,zisibiza nani lini

Nithandane ,njengalokhu nginithandile .

Uthando luyinto ebonakalayo  nenamandla

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge