... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhlonipha Iqhaza Labanye Abantu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 2:3,4 Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.

Listen to the radio broadcast of

Ukuhlonipha Iqhaza Labanye Abantu


Download audio file

Ngakube usuphushe kanzima ngayo yonke indlela kodwa uthole ukuthi abantu ababoni okwenzayo ? Uzizwe unganakiwe ungalutho .Asithembeke ,emva kwalokho kuvese kungene ubumuncu enhliziyweni  yakho .

Esikhashaneni thizeni phambilini lapha e – Christianityworks, sasipheka  uhlelo lomsakazo lwesiteshi thizeni ,olwagcina seluvalwe ngolunye esikhundleni salo , thina esabe silwenze lwahambisana nesiteshi leso esisodwa , ukuze luhambisane nezokusakaza zawo . Lokho kwasibiza imali eningi namandla ukukusebenza .

Nokho esathola ukuthi base beludlale  ngaphezu kwezinyanga ezingu  18 ngaphandle kokulokotha basazise lolu lwabo  . Usungacabanga ukuthi kwazelwa kanjani lokho kithi …Hhayi nje ukuthi babengasaludlali lolu esabe sibenzele lona kodwa  abasitshelanga kwakhona ukuba sime ukuqhubeka silukhiqhize .

KwabaseFiliphu 2:3,4 Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,  yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.

Manje ake sicacise ngokuthile la . Abantu kuloludaba babengebabi bengemuncu . Kunalokho babemtoti kakhulu  behlabahlosi . Ngakho ingxenye yokuqala yalendima ayingabo ,sanhlobo ! Kodwa kulula kanjani ebutaseni bethu sigcine singasamnaki umuntu othile , futhi ngokwenza kanjalo simthumela umyalezo othi asinandaba nawe ,asiliboni inani kuwe ?

Yiqiniso yileli lokuthi akuwona umyalezo lowo mina nawe  esifuna ukuwuthumela , futhi ngiyazi ukuthi kwabe kungesiwona umyalezo lesiteshi esabe siqonde ukuwuthumela nakithina . Kodwa yiyona ndlela le esazizwa ngayo.

Nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,  yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwaban

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..