... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukujikijela Amatshe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 10:30,31 Mina noBaba simunye.” AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

Listen to the radio broadcast of

Ukujikijela Amatshe


Download audio file

Ukujikijela amatshe kuJesu kulezinsuku kubukeka kuyingxenye yempilo kubantu . Okunye kwakho nokho asivume kungenxa yobuzenzisi obugcwele ekukholweni .Yebo ngeqiniso ,akekho obuthandayo ubuzenzisi.Kodwa kunokujulileyo kunalokho . 

Kwabaningi abangakholwa nguJesu ,ukholo lwethu kuYe ,luyisikhubekiso kubo .Futhi ngiyakuqonda lokho mina.Andukuba ngibe nguMKhrestu ,ngicela ukukutshela ,izinto ezazishiwo zenziwa yilawo MaKhrestu ngisho izinto ezinhle [yebo ezinhle impela!] nazo zazingincika kude le . 

Ngangiwazonda .Ngiwakhaphela .Ngijikijela amatshe kuwo .Futhi okuthi mase uma ubuka emumva ,kufika ukuzibuza ukuthi …ngani ?  

Impendulo emfishane ,yingoba ubuhle bawo  kwakukhanyisa ukukhanya ebumnyameni benhliziyo yami ; Ubumnyama obabe  bugubuzele zonke izingxenye zokuphila kwami . 

Futhi njengomdlavuza ,kwabe kungelula kimi ukuzikhulula ngokwami . Ngakho ngazivikela ,nganamathela kukho ngathi ngofela othini njengentethe.

Futhi yilokho kanye okwabe kwenzeka kulesigcawu esincane  :

NgokukaJohane  10:30,31 Mina noBaba simunye.”  AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande.  UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

Futhi ukuba bambulale ,nembala bagcine bekwenzile ngempela ekugcineni ! Uyabona akekho noyedwa kithi othanda ukujikijelwa ngamatshe ngenxa yokholo lwethu kuJesu ,kodwa yilokho kanye akusho ukuthi kuyokwenzeka .Akekho noyedwa kithi ofuna ukubethelwa njengoJesu ,kodwa nokho usibizele ukuthatha iziphambano zethu simlandele  .Sihlobo ungamangali uma bekujikijela ngamatshe . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.