... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthanda Abantu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:9,10 Uthando malungbi nakuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle,thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ;ekwazisaneni nandulelane.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthanda Abantu


Download audio file

Usuwake wakhuleka wathi , “Nkosi ngikhombise umuntu engingamsiza?” ,kodwa bese uNkulunkulu avese alethe umuntu ongamvumi ,ongangeni kulesisihe sakho  bese ubuyele kuYe uthi ; “Cha Nkulunkulu ,hhayi lo ,mina ngifuna umuntu omnandi  o-nice” .

“Uthando” yigama elilula ukulisho,kulula ukuliphimisela nje ,kodwa kungaba nzima ukulwenza ,uluthulule uphane ngalo,ukulwenzela abanye abantu .Sonke siyafuna ukuthandwa ,kodwa imvamisa singamavila ukuphana ngothando.

Ukupha uthando ,ukuphila uthando ….kubukeka kuyinto enjani ingempela lokho ?

Ake sithi kumakhaza ngaphandle,unejazi elifudumele kamnandi.Bese uhlangane nomuntu emgwaqeni ombonayo ngeke sanhlobo abe nemali yokulithenga .Bese umnike elakho.

Kumbe umuntu omaziyo kungumqansa  kuye ukukwazi ukukhokhela imoto yakhe ,bese kuthi esikhundleni sokuthi uthi kuye : “sizokukhulekela”, kulokhu uvese umthumele imali ezomlekelela akhokhele izindleko zakhe .

Kumbe ake sithi kunalomuntu ,ongakaze nje alokothe abe-nice kuwena ,awukaze ulokothe umthande ,kodwa namhlanje uyedwa njengenhlwa.Bese uyamumema eze kwakho esidlweni ndawonye nawe.kumbe uthi ….

Hhayi awume kancane ! Phela sekwedlulele manje lokho ,akunjalo!?

Nginikele ngejazi lami .Ngimnikelele izindleko zemoto.Ngimeme lowomuntu ezothokozela isidlo kwami? Ubani owaqhamuka  naleyomfishimfishi ?

KwabaseRoma 12:9,10 Uthando malungabi nakuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle,thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ;ekwazisaneni nandulelane.

Ngakho sihlobo sami ngicela ukukubuza ngobumnene kodwa ngibuze ngqo,ngubani uNkulunkulu ambeke endleleni yakho  ukukunikeza ithuba lokwenza inkonzo yothando ? Ngubani sihlobo ?

Uthando malungbi nakuzenzisa . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge