... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthule Obuhle Obuthe Pha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 14:27 Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthule Obuhle Obuthe Pha


Download audio file

Kweswinye isikhathi ukuphila impilo yethu singazizwa sengathi kade sisemshinini wokuwasha izingubo ,yithi labaya sesiwashekile  sesiyiswa ekomisweni kumbe emshinini wokomisa izitsha ziswambithi sishwibekiswa sizungeza sishaya u-round and round  . 

Okunye ukugxeka okuphakamiswa yilaba abangabukholwa ubukhona bukaNkulunkulu bekubhekise kubuKhrestu ,ngukuthi bathi yinkolo yezahluleki ;yinto yabantu abantekenteke  masingasho kanjalo .Kodwa akubizi ukuthi ube yisahluleki somhlaba ukushintshwa uzwinga enjikeleni yomshini wokuwasha uze ukuphimise  masukuwashile  ,kumbe ukuba ngontekenteke kubantu nasezimweni ukuba ngokhamekile enyameni,enhliziyweni nasemoyeni . Lokho kwenzeka ngisho kwabayizigora neziqwhaga zakulomhlaba nababukeka behlelekile nabasezintweni …kungumgudu wempilo .

Phakathi nalo lolothuli lwezichwe lwangaphakathi kukodwa esisuke sikudinga ngukuthula phaqa; siyakulambela phakathi neskhwikhwishi sesiphepho esenzeka ngaphakathi kithi. 

Inkinga ngukuthi esikhathini lakhona impilo isishubile ,izinto ezakha umqondo ezishiwo ngabantu zivese zingawenzi umqondo .ukwehlisa intukuntuku osuke ubhekene nayo .Ngisho nanoma yikuphi ukuthula okulethwa yilomhlaba ,kugcina kuzintantela phezulu nje kungayi ndawo  okwebholwa lifuthiwe emanzini ,  nawe shlobo sami sewuke waba kulesosimo ,angithi?

Kungalesosizathu kanye uJesu iNdodana kaNkulunkulu owakufela wavuka  – unalokho ukukukhuluma kulososishingishane okuso namhlanje emoyeni wakho :

NgokukaJohane  14:27Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula

kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

Futhi uma uJesu ekhuluma ukuthula enhliziyweni yakho ,kuza kugcwele amandla kaNkulunkulu ,yebo lawo ovuko kanye .Ngilalele.UJesu angaletha ukuthula kwisemumva lakho ,alethe inhloso yokuphila kwakho kwimanje lakho  kunye nethemba lekusasa lakho .UJesu lowo . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.