... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungaphila Kanjani Ekunqobeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:1,2 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

Listen to the radio broadcast of

Ungaphila Kanjani Ekunqobeni


Download audio file

Ukwazi ukuthi uJesu wafa wavuka  ukuze asikhulule  ezonweni zethu ,kukodwa lokho .Kodwa ukuliphila leloqiniso ,ukusiqeda nya lesosono esisodwa  esilokhu siqhubeka sikukhubaza ,kungokunye ke lokho ngokwakho . 

Futhi lokho kuyinkinga ,akunjalo?  Siyazi ukuthi uJesu  wasifela kulesosiphambano  ukusihlawulela  izono zethu nokusikhulula emandleni aso. Kodwa inkinga yilesiya sono- lesiya nje esisodwa esiqhubeka sisihlupha  – esibukeka sinamathele singasuki.

KwabaseRoma 6:1,2 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? 

Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

Yebo kuzwakala kungumbuzo oshawe ifindo , kodwa impendulo ilula kakhulu .Sibukeka silokhu sigiya siphindela kuso .

Ake sibuke ngqo lesosono esisodwa empilweni yakho ,okwamanje Siyini ingempela ? Kimina lesisono esisodwa obekudinga ngibhekane naso ngukudinwa. Sithini esakho? Futhi  zikhathi zonke ngesikhathi usicabanga kunento evese ikukheqe ungene kuso .Kusesikhathini  manje ukuthi ukwazi ukubona ukuthi yini le ekuvimbayo .Yini ingempela ? Futhi  yiyiphi iplan ongayenza ukuthi ngokuzayo uma sekwenzeka ,ukwazi ukukhetha kangcono ,esikhundleni sokuziphatha kwakho okujwayelekile ? 

Unengqondo emangazayo ekwazi ukuziqondisa ibe nomgudu omusha .Unengxenye yengqondo yakho okuthi mase ubhekene nesimo esithile ikunika iresponse yomgudu owodwa .Kodwa okungathi uma uyifaka uhlelo lwakho olusha ,ingakwazi ukuguquka inanele kulona ,iqale imigudu emisha  yokuziphatha . 

UNkulunkulu unohlelo ,nebala wenze indlela ngoJesu ,ukukukhulula esonweni  sakho .Yisikhathi lesi sokuba wenze uhlelo olusha ,ukuze ungene ohlelweni lwaKhe . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..