... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzitshela Okuyingozi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 21:7,8 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

Listen to the radio broadcast of

Ukuzitshela Okuyingozi


Download audio file

Inkululeko yinto sonke esiyengama siyithakasele ngezandla ezimhlophe ,nakuba kwesinye isikhathi sisuke singazi ukuthi hle hle  iyini lento ingempela ebizwa ngukuthi ‘inkululeko’. Nakuba kunjalo  umqondo wenkululeko ungothandekayo .

Namhlanje wusuku olukhethekile kubo bonke abahlobo bami abase US eMelika. U-July 4. Ngusuku Lokuzimela . Wusuku lolu lakhona iMelika yakhahlela yanqoba ukukinatelwa ngamandla obukoloni.Indaba emnandi leyo!

Njengokuba bengishilo sonke siyawuthanda lomqondo wenkululeko.Kodwa manje indaba isekutheni ekaze akuve sesiguqulile lokhu inkululeko eyikho nekuchazayo. 

Ngokomqondo ,inkululeko ingokuzazi la obheke khona.Yilokho kanye ukugubha Usuku Lokuzimela okungakho. Kodwa uma uthatha elinye igxathi ubuka mumva nje ,kusengathi inkululeko iyinto eyelana ngokuthi wena uthandani ,nokwenza lento imizwa yakho ekuholela kuyona.

Uma ubuka emhlabeni wonke jikelele ,iqiniso lenkambo eyalwelwa zigayigayi zamaqhawe iya ngokuya igqibeka ,sekuvele kube ngukuthi inkululeko ichaza ukwenza lokho ozwa nobona kukuhle kuwe . Lokho kubukeka kuyilona lubishi lokucabanga  kwesizukulwane samanje oseluyisisho nje  .

Kodwa lokho kuyingozi .Ngani ? Ngoba maduze luyeza usuku la kuyakusa bha khona  .

Isambulo  21:7,8 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.  Kepha amagwala,

nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..