... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umqondo Owehlukile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 6:28,29 Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

Listen to the radio broadcast of

Umqondo Owehlukile


Download audio file

Angazi kunjani kuwe ,kodwa mina nginalomuzwa wokuba ngumuntu ongcono ngesikhathi ngiqhubeka ngiphila . Usuku nosuku ,isikhathi nesikhathi ngilokhu ngikusebenza ukwehluleka kwami ukuze ngigcine ngingcono kukho ngize ngifane noJesu.

Futhi yebo lokho akukhona ukuzimisela okunzima.Kuyigxathi elilodwa eliya phambili namabili aya emumva . Kodwa cha phela simelwe ukwethembeka ngokwehluleka kwethu . Simelwe ukukuvuma ukugqigqa ndawonye ,silokhu siphinda phinda into eyodwa ilandelana .

Kungabi nje ngukufana noKhrestu [Nakuba wonke umuntu ongumlandeli kaJesu kumelwe kube ngukulangazelela nokuzijuba  kwakhe lokho]  Ngoba futhi simelwe ukukwenza lokho ngokuphathekayo ngoba phela ukwehluleka  nokuqhuzuka namaphutha ethu …anemiphumela . Aqothula impilo yethu nobudlelwane bethu.

Kodwa  kunomncele omncane lapha esiye siweqe kalula owehlukanisile. 

Lomngcele yintshisekelo yenhliziyo yethu ukuqhubeka sifana noJesu , futhi ezweni labacabanga ngemithetho ,kunomqondo wokuthi ukuba nguMKhrestu kungokulandela ,imiqathango . 

Idlanzana labantu ababebukeka befuna ukumlandela uNkulunkulu ngezinhliziyo zabo zonke ,babuza uJesu umbuzo ohlaba umxhwele:

NgokukaJohane  6:28,29 Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?” 

Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

Umsebenzi wakho,umsebenzi wakho ,akubukeki ngqo ngqo  kungukusebenza kanzima ukufana noJesu . Lokhu uJesu afuna sikwenze ngukukholwa nguYe usuku nosuku, okuthi ekukwenzeni  lokho silokhu siqhubeka siguqulwa sifane naYe.

Kungumqondo owehlukile lokho .Izindlela zikaNkulunkulu azizona ezethu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..