... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhalela Usizo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 61:1-4 Yizwa Nkulunkulu ukukhala kwami ,ulalele umkhuleko wami.Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba ,lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.Ngokuba ubuyisiphephelo sami ,inqaba eqinileyo ngakuso isitha. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade ;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho .

Listen to the radio broadcast of

Ukukhalela Usizo


Download audio file

Omunye wemisebenzi wanoma yimuphi umzali ngukuvikela izingane zakhe .Futhi njengo mkhwenyana nobaba ngumsebenzi lo engiwuthatha ngoku serious kakhulu .Ngakho kungani ukuthi sizitshele ukuthi uNkulunkulu Yena wehlukile kulokho ?  

Sisanda kuxoxa ezinsukwini ngokwehla nokwenyuka kwempilo  Kwezinye izikhathi –noma kungavamisile  nokho –izehlo zisehlela ngamandla asho ukusiqimba phansi sesibhekene nomonakalo eziwenzayo.Nasi isicelo somkhuleko engake ngasithola kungekudala .

Sengimile ukusebenza ngenxa yengcindezi nokukhathazeka enginakho .Ngithwele kanzima ngokwezezimali futhi yonke into engithi ngizama ukuyenza ibukeka yehluleka .Ngihlulwa nawukunakekele izingane zami ,angikwazi ukuzithengela izincwadi  zesikole  nokunye nokunye  

Lezozimo ziqhamuka ndlela zonke .Ngakho namhlanje ake sijule ,ukuze sicabange ngokuthi senzenjani uma sizishayisa edwaleni . 

Amahubo  61:1-4 Yizwa Nkulunkulu ukukhala kwami ,ulalele umkhuleko wami.Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba ,lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.Ngokuba ubuyisiphephelo sami ,inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade ;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho .

INkosi uDavide eyabhala lomkhuleko ,wabe eyinkosi enkulu kunawo wonke u-Israel owake wanawo kuze kube sekufika iNkosi ehlukile kakhulu uJesu,owafika emva kwenkulungwane yeminyaka .Nokho nakuba eyinkosi enkulu futhi eyabe iliqhawe lempi  kodwa simuzwa ekhala kuNkulunkulu …. inhliziyo yami isebuthakathakeni!

Futhi sihlobo sami angikutshele ukuthi ,uma kwakukuhle ngokwanele endodeni enamandla neqinile eliqhawe uDavide ,kanjalo kuhle nakimi ukukhala koMdala wezinsuku .UNkulunkulu wakho ungumvikeli wakho .Khala kuYe ngoba ngumsebenzi awuthatha ngoku serious kakhulu ukulalela abakhala kuYe qede abavikele . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.