... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vula Umlomo Ubakhulumele !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 31:8,9 Sivulele isimungulu umlomo wakho ,umele bonke abantwana abayizintandane .Vula umlomo wakho wahlulele ngokulunga ,umele abahluphekayo nabampofu.

Listen to the radio broadcast of

Vula Umlomo Ubakhulumele !


Download audio file

Kunoma yimuphi umphakathi noma inhlanganyelo kunabawinayo nabahlulekayo. Futhi uma usenhlanhleni yokuba kwabawinayo ,kugcina kunomoya wokungabi nandaba nabahlulekayo.

Noma yini  ongayicabanga ngomgomo we- COVID, futhi ngiyaqonda kunokungaboni ngaso linye kulesihloko ,sekuqubuke umdonsiswano omude kwizizwe ngezizwe zomhlaba kubangwa loludaba ,okubekwa ngokokuthi inhloso yokugoma ngukwehlisa ukufa  nokukwazi ukubuyela empilweni ejwayelekile .

Izizwe zomhlaba ezingomacaphuna kusale ,zenze kahle kakhulu kulombhidlango wokugoma ,zakwazi ukwehlisa isibalo sabafayo. Zakwazi ukuyithenga ngobuningi yankulu futhi nasesikhathini lakhona yabe Ibiza kakhulu lemigomo. 

Okwenza ukuthi uma ungomunye walabo ophila ezweni elicebile ,indaba yobhubhane isiqale ukuba yinganekwane esibekwe le kude . Kodwa uma uphila emazweni ahlwempu  ikakhulukazi alapha e –Afrika ,ochwepheshe ngalesihloko bathi cishe kuyoze kube ngu 2030 kuyila kuzola ngokufanayo namazwe  acebile osekuvelile wona azolile kuyimanje .

Wukungalingani ke lokho okwenzeka ngokwesikali samazwe esikhulu .Kodwa ukungalingani kuphinde kwenzeke nasesikalini esincane sokuphila komuntu nomuntu ngamunye .

Izaga  31:8,9 Sivulele isimungulu  umlomo wakho ,umele bonke abantwana abayizintandane .Vula umlomo wakho wahlulele ngokulunga ,umele abahluphekayo  nabampofu.

Sihlobo sami uma ungomunye walabo ababe senhlanhleni yokuba ngabawinayo empilweni  (unokudla ,unompheme ekhanda lakho,unombhede osofozela kamnandi  olala kuwo,nebala  nawe ukwabawinayo ) ,ungabakhohlwa labo abaseduze kwakho abangawini. 

Vula umlomo ubakhulumele .Basize uma besengxakini.Yima umele okuliqiniso .Vikela amalungela abampofu nalabo  abadinga usizo. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.